Copyright
NE-AT
A division
of Impact trading plus 131 c/c
UKUHLAKANIPHA.
Ukuhlakanipha
kuyinto ebalulekile ukuthi sibe nayo ngoba siyazi phela ukuthi yonke into
ngaphambi-kokuthi uyazi idinga ubuhlakani bakho ngaphandle kwalokho akukho
okunye okungenzeka nokunga -qhubeka ezimfunweni zakho njengomuntu. kanye nokuyimpumelelo ekuphileni kwakho ake
siqikelele-kakhulu ngasezintweni ezibalulekile singaphiki nokuthi omunye
wenzani ngoba lokho kuyimbambezela.
Into eyimbambezela yinto leyo engafuneki
kubantu nabasafisa isimo sempilo eyimpumelelo esheshayo.
Ukuthi impumelelo
esheshayo akusho ukuthi
hamba uyokweba noma
uyobulala noman wenze okunye-Okungasile kepha ziqoqe wenze ngendlela okuyiyo okuyindlela
enesiphetho esiyimpumelelo ebanzi
Neyokuphila okunesiphetho
esiyisona nesakhayo kumele uzitshele into eyodwa ngokuphila kwakho
Lokho kungukuthi impilo yakho ikwisimo esinjani esingakusiza kanjani
uphumelele kanjani ngoba kungenzeka usizakale ugcine wonile konakho futhi nami
njengombhali walelipheshana nginenkinga engangilahlekisela okukhona ngokungekho
okufanele nami ngizame ukugwema
leyonkinga ukuze nami ngizithole ngisempumelelweni yekusasa uma ngingagwema
lesosimo engikuso esingasile
uma ngithi esingasile Ngisho
ukuthi esingangifanele nakancane
ngokwempilo yami
esingagcina singifake kwenkulu
inkinga
ebengingayilindelanga
nakancane empilweni yami
kungaba kuhle uma nami ngingazama
Ukuzigwema esimweni sempilo
enjalo.
Ngingazisiza kanjani na ngokuthi kokubi cha kepha kokuhle
yebo kodwa hhayi ngomlomo kuphela Kepha
nangezenzo zami engizenzayo eziyimizamo yokuzikhipha ehlazweni elingathandwa
muntu.
Kunokuthi balithande liyabahlazisa ikakhulukazi abazali
bami okusho ukuthi lokhu kuyinkinga enkulu kakhulu ekumele nami ngiyibheke
ngehlo elibanzi kube yimi engilwa nayo kungabi yiyo elwa nami ngoba esikhathini
esizayo ngiyozisola sengingedwa sebengekho labo ebengenza nabo okunga-
lungile
emphakathini nakubantu bonke emhlabeni
ngenxa yophuzo oludakanayo
kuphela okusobala
ukuthi luyinto
engalungile nengingadalwelwanga yona kepha ngokuphula kwami umthetho kuyacaca
lokho ukuthi kumele
ngishiye lento engalunganga kangaka ekuphileni kwami noNKulunkulu akayithandi
futhi.
Ngoba kuyicala
ukuphikelela entweni uma ophezu konke engayithandi engithanda ukuba
ngikuchaze kungukuthi ophezu konke uma
ngithi ophezu konke ngisho ukuthi okunguye
owadala izulu nohlaba
Esikuwo njengoba sikhuluma kungenxa
yakhe ngoba futhi nathi siyindalo yakhe ebalulekile kodwa ke yize nathi
singamhloniphi kepha yena uyaqhubeka
esenzela okuhle.
Ngakho mina isicelo
sami asisodwa kepha
zimbili yilezi ukuthi
uJehova akangiphe ukuhlakanipha.
Kanye nokuphila
nalabo abanjengami ngasezintweni ezingalungile asenze sibe
nokuqonda ngasezintweni-
ezihambelana nokuphila kwethu njengokuthi simhloniphe futhi simazi ngakho
ngiyazicelela ukuthi akasuse lonke
lolulwembu
olusivale amehlo ethu sizihloniphe thina kuqala ngaphambi kokuthi sihloniphe
abanye esiphila nabo okungaba yinto ebalulekile ngathi ukuthi siyenze.
Nengasibuyisela
futhi isenze siziqhayise ekugcineni ngoba kuyoba umvuzo omuhle kithina sonke
uma
Senza lukho
okufunwa nguye ngoba siyazi ukuthi nezimvu zinomelusi wazo ozelusayo ngaphandle
kwalokho azinakuzelusa ngakho nomuntu unomelusi wakhe okunguye omelusayo
nokunguye omqaphile kukho konke ukuphila kwakhe elami igama lingukuthi
asizicelele ukuhlakanipha kowasidala nowasiletha emhlabeni ngoba ngiyazi ukuthi
abanye bethu bayazi ukuthi akahlulwa yilutho kokungokwakhe engethemba ukuthi
konke kungokwakhe okusemhlabeni nokusezulwini ngoba ungezwa abanye bezikhohlisa
bethi baya ezulwini okuyinto engekho nengakaze ibe khona ngisho semandulo
Kusukela ekudalekeni komuntu ngisho nakubantu bokuqala emhlabeni abadalwa
uNkulunkulu abango Adam no Eve asizwanga ukuthi bafa baya ezulwini kepha bafa
babuyela emhlabathini ababevele bethatshathwe kuwo nowukuqala kokuvela komuntu
nakho konke okuvela kuwu yonke into yomhlaba esiphila kuwo nesiyophelela kuwo
kepha uma sishintsha inkambo yokuphila kwethu sithatha okuyiyo eyisa ekuphileni
okuphakade okuyisithembiso esingayikushintshwa ngumuntu nesingayikuphela kuze
kufike lezozinsuku ezazi profethiwe ngabaprofethi bakhe ophezu konke ongaqambi
manga okufezayo akuthembisile kuwo wonke umuntu nasezilwaneni zomhlaba kanye
nasezinyonini zezulu ngoba phela nazo zingezakhe futhi ziphakelwa nguye kanjalo
nathi futhi siphakelwa nguye.
Ngiyema lapho okwamanje
ngizifisela inguquko mina nabanye
kulomhlaba esiphila kuwo.
Lucky. O.Machi